Ukukhetha ukudla okufanele kubaluleke kakhulu kithi sonke, ikakhulukazi uma unesifo esingamahlalakhona njengofuba, umdlavuza noma ingculaza. Ukondleka kahle kuyokusiza ekuthuthukiseni isimiso sakho sokuzivikela ukuba silwisane nezifo, sandise amandla omzimba wakho futhi sikwenze uzizwe ungcono isikhathi eside.
Ukungondleki kahle nokwehla kwesisindo somzimba kubantu abanesifo esingamahlalakhona njengomdlavuza, ufuba nengculaza akumelwe kuthathwe kalula. Ezinye izifo kanye nemithi esetshenziswayo ukuze kulwiswane nazo ngokuvamile yikho okuholela ekungondlekini kahle nasekwehleni kwesisindo somzimba. Iziqondiso ezilandelayo ziyomsiza umuntu onesifo esingamahlalakhona ukuba abhekane kangcono nezimpawu zalesi sifofuthi agweme ukungondleki nokwehla kwesisindo somzimba.
Ubisi olungazange lwengulwe ukhilimu kanye nemikhiqizo yalo (ubisi oluyimpuphu, amasi, i-yoghurt) kungase kwenezelwe ekudleni ukuze kukunikeze amandla engeziwe neprotheni.
Yenezela amafutha njenge-margarine, ibhotela nemayonesi ekudleni ukuze uthole amandla athe xáxá futhi uthuthukise ukunambitheka kokudla. Uma unesihudo noma ungazizw a kahle ngemva kokufaka amafutha engeziwe ekudleni, zama ukuwanciphisa.
Ake sihlole indlela ongalwisana ngayo nezimpawuzokugula ezingakubangela ukuba udle kancane futhi isisindo somzimba w akho sehle.
Yini engingayenza uma ngizizwa ngingakuthandi ukudla?
Ukugula, ukucindezeleka, nesizungu kungakubangela ukuba ungakuthandi ukudla. Zama lokhu okulandelayo ukuze uqinisekise ukuthi udla ngokw anele ukuze ugcine umzimba wakho unamandla.
Ukudla okunjengoshukela, ubisi oluyimpuphu namafutha kunika amandla amaningi ngisho noma ngabe kudliwe kancane. Lapho kunokwenzeka, kumelwe kwenezelwe kokunye ukudla.
Zama ukudla nomunye umuntu - ukudla nabanye abantu kwenza ukuba ukujabulele ukudla.
Yidla ukudla kwakho endaw eni ethokomele ukuze ukujabulele kakhudlwana (uvulele umculo, ngaphansi komuthi noma epaki).
Unganamatheli ezikhathini zokudla ezimisiwe - yidla noma nini lapho uzizwa unesifiso sokudla.
Ukuvivinya umzimba okungakhandli njengokuhamba kwandisa isifiso sokudla.
Phuza iziphuzo ezinika amandla amaningi phakathi nosuku, njengeziphuzo ezenziwe ngobisi, iziphuzo ezinoshukela ezenziwe ngezithelo nesobho elenziwe ekhaya.
Yidla ukudla okuthanda kakhulu - cishe uyodla ukudla okwengeziwe ngale ndlela.
Kugw eme ukudla okunephunga elinamandla njengeklabishi nekhofi uma kukwenza ungabinaso isifiso sokudla.
Uma umuthi owuphuzayo ukwenza ungabi naso isifiso sokudla, buza isisebenzi sezempilo ukuthi ungawuphuza yini umuthi ngemva kokudla.
Ingabe uphethwe isilungulela noma ukuqunjelwa?
Yidla ukudla okuncane izikhathi eziningana ukuze ugweme ukungazizwa kahle.
Linda okungenani amahora amabili uma usudlile ngaphambi kokuba ulale.
Wugweme ugwayi nokubhema. Ungasenza sibe sibi kakhulu isilungulela futhi uyingozi empilweni yakho.
Zama ukuphuza uketshezi oluningi njengamanzi ahlanzekile netiye. Zama ukuphuza lezi ziphuzo eziwuketshezi ngezikhathi ongadli ngazo ungaziphuzi kanye nokudla noma ngaphambi nje kokuba udle, njengoba lokhu kungase kubangele ukuba uzizwe uqunjelwe.
Ukulwisana nesicanucanu nokuhlanza...
Imithi yokw elashwa ngokuvamile ibangela isicanucanu nokuhlanza.
Yidla ukudla okuncane izikhathi eziningana - isicanucanu siba sibi kakhulu uma kungenalutho esisw ini.
Linda kuze kube yilapho usuzizw a ungcono ngaphambi kokuba udle, kodwa ungalokothi weqiw e ukudla.
Gwema ukudla okunongwe kakhulu nokunamafutha amaningi.
Yenezela kancane isiphuzo sikalamula noma ucezu lukalamula eziphuzweni ezibandayo.
Zama ukukudla sekubanda ukudla ukuze iphunga olizwe kuphekwa lingakubangeli isicanucanu. Ngokuvamile umzimba ukubekezelelakangcono ukudla okubandayo.
Gcina indawoohlala kuyo igeleza umoya.
Hlala uqonde ngemva kokudla - Linda okungenani imizuzu engu-20 ngaphambi kokuba ucambalale, ukuze ugweme ukuhlanza.
Lapho unemfiva, kudingeka ulubuyisele uketshezi olulahleka lapho ujuluka.
Phuza uketshezi oluningi - olungaphezu kwalolo oludinga lapho nje womile. Uma ngempela uzizwa ungakuthandisisi ukudla, ungenza isobho likabhontshisi, amazambane, izaqathe noma olwamiphi eminye imfino onayo. Lokhu kunganika umzimba amandla nomsoco.
Usuke usongelekile uma kulukhuni futhi kunzima ukukhipha indle yakho.
Gw ema ukusebenzisa amaphilisi okuhambisa isisu nanoma yiziphi ezinye "izinto zokugeqa isisu" njengembiza yokuchatha. Amaphilisi okuhambisa isisu kanye nembiza yokuchatha kubangela ukuba umzimba wakho ulahlekelwe izakhi eziningi ezibalulekile futhi kumane kuyikhambi lesikhashana elingayixazululi inkinga yangempela.
Yidla ukudla okungagayisiswanga nokungahlungiwe kakhulu njengemikhiqizo kafulawa omhlophe (amakhekhe, ophayi, nokunye.).
Yiba matasa kakhulu! Ukuhamba njalo kuyokusiza ekudambiseni ukusongeleka.
Usuke unesihudo uma sekuze kwakathathu ngosuku ukhipha indle emanzi.
Isihudo singabangela ukungondleki kahle, ngoba ukudla kudlula ngokushesha kangangokuthiumzimba aw ukw azi ukukusebenzisa. Umuntu futhi udla kancane ngoba usuke engenaso isifiso sokudla. Uma unesihudo, umzimba uyoma ngoba ulahlekelw a uketshezi oluningi - lokhu kubizw a ngokuthi ukuphelelw a amanzi emzimbeni (dehydration). Ukuphelelwa amanzi emzimbeni kuyingozi kakhulu futhi kungambulala umuntu.
Yini okufanele ngiyenze uma nginesihudo?
Phuza amanzi neziphuzo eziningi ukuze ubuyisele uketshezi emzimbeni. Ukuze uzenzele isiphuzo esenziwe ekhaya sokubuyisela amanzi alahlekile, thatha ilitha elilodwa lamanzi abilisiwe abe esepholiswa. Faka izipuni ezincane ezingu-8 zikashukela nengxenye yesipuni esincane elingene kasawoti. Yihabule kaningi ngangokunokwenzeka le ngxube.
Ikhofi nokunye ukudla neziphuzo ze-cola nawoshokoledi kune-caffeine futhi kungasibhebhezela isihudo.
Kunalokho yidla kakhulu...
Ukudla okunjengama-apula noma amaganandoda akhuhluziwe, i-oats noma amazambane; lokhu kudla kune-fiber encibilikayo esiza ekugcineni amanzi esiswini.
Ukudla okunjengamazambane nobhanana kune-potassium eyiminerali, elahlekayo phakathi nesikhathi sokuhuda.
Yidla ukudla kaningi ngangokunokwenzeka ukuze ubuyisele isisindo nomsoco okulahlekile.
Ukuntuleka kwenhlanzeko kungasibangela isihudo.
Ukugeza izandla zakho ngamanzi nensipho ngaphambi kokuba uphathe, ulungiselele, uphakenoma ulondoloze ukudla.
Ukugeza izandla zakho ngamanzi nensipho ngemva kokusebenzisa indlu yangasese noma ngemva kokushintsha inabukeni lomntw ana.
Uma inyama ibaba noma inambitheka njengensimbi, mane udle inkukhu, inhlanzi, imikhiqizo yobisi, ubhontshisi ongafakiwe owomile nophizi ukuze uthole amaprotheni.
Ukudla okubandayo noma ukudla okupholile ngokuvamile kunambitheka kangcono kunokudla okushisayo.
Sebenzisa izinongo, amasobho noma isiphuzo sikalamula ukuze uthuthukise ukuhlwabusa kokudla kw akho.
Yidla ukudla kwakho ukwehlise ngokulokhu uhabula kancane isiphuzo.
Kungase kusize ukusebenzisa amanzi anosaw oti ukuze uyakaze umlomo wakho kaningi. Ukuhabula amanzi afakw e isiphuzo esincane sikalamula ngaphambi kokudla nakho kungasiza ukuthuthukisa ukunambitheka kokudla.
Izilonda emlonyeni nasemphinjeni zivamile ezifweni eziningi. Lezi zilonda ziyakhathaza futhi zibuhlungu kodwa azibulali. Ingozi iwukuthi lezi zilonda zingakwenza kube nzima ukudla noma ukugwinya, kubangele ukuba abantu badle kancane futhi isisindo sabo sehle.
Ukudla okumuncu: amawolintshi, ulamula, uphayinaphu notamatisi.
Ukudla okunamathelayo okuhlafuneka kanzima, njengebhotela lamantongomane.
Ukudla okunezinongo nokunosawoti okungase kuthunuke umlomo nomphimbo.
Yidla ukudla kw akho sekupholile. Ukudla noma isiphuzo okushisa kakhulu noma okubanda kakhulu kungaba yinkinga. Yidla ukudla futhi uphuze iziphuzo okungawulimazi umlomo noma umphimbo.
Habula isiphuzo kancane ngaphambi kokuhlafuna ukudla ngakunye, noma ucobhozise ukudla okuqinile nokomile njengesinkwa esithosiwe, amakhekhe nemiqhathane (rusks) eziphuzweni ezinjengetiye noma isobho ukuze kuthambe ngaphambi kokuba ukudle.
Sebenzisa uthi lokumunca ukuze uphuze iziphuzo.
Zama ukumunca isiphuzo sesithelo esiyiqhwa (isiqeda) noma isigaxa seqhwa ukuze wenze ukuba umlomo wakho ube ndikindikingaphambi kokuba udle.
Ukuhlanzeka komlomo kubaluleke kakhulu!
Gwema izifo ngokugcina amazinyo nezinsini zakho kuhlanzekile.
Uma kuwumzukuzuku ukugwinya ukudla, zama ukushubisa iziphuzo oziphuzayongobisioluyimpuphu, ama-cereal abantwana, okunesitashi okwenziwe ngokusanhlamvu (cornstarch) noma amazambane abondelwe aphekwe kalula ukuze wenze kube lula ukukugwinya.
Ukudla ukudla kohlobo olufanayo kulula ukukugw inya. Yidla isobho elishubile elenziw e ngemifino nezithelo noma ukudla okuyimeshi uma kudingekile.
Mane ukugweme ukudla okunamathelayo njengebhotela lamantongomane, noma ukudla okushelelayo njengojeli, ngoba akuhlafuneki kalula.
Zama ukuhlala uqonde lapho udla ulokhu uphulula umphimbo w akho ukuze kugwinyeke kalula.
Kunzima ukudla ngokwanele uma uzizwa ungaphilile, kodwa nakanjani kufanele wenze umzamo!
